Umqeqeshi weBaroka uVincent Kobola uthi belumdabukisa usizi abelubona emehlweni abadlali ngemuva kokugawulwa yizembe izolo.
IBaroka ibuyele kwiGladAfrica Championship izolo njengoba ishaywe iMaritzburg United ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium. IBakgaga ibihlale iminyaka eyisithupha esigabeni esikhokhelayo.
IBaroka iyona ebizodlala kumaPlay-Offs ukube ibuye namaphuzu amathathu eMphithi. ISwallows, ebilingana neBakgaga ngamaphuzu, ithole iphuzu elilodwa ibhekene neKaizer Chiefs, yawelela kuma-Playoffs.
UKobola uthi yize kubuhlungu ukugawulwa yizembe, abadlali kufanele basheshe bakudlulise ngoba kuyingxenye yebhola.
“Bekubuhlungu ukubona abadlali bekhala enkundleni. Bazikhandlile namuhla, belwela ukuvika izembe. Kuyaphoqa khona kodwa kuyenzeka ebholeni. Abadlali bebenethuba lokushintsha izinto namuhla.
Isimo sezulu siphazamise izinhlelo zethu. Bekufanele sithole umphumela ogculisayo kulomdlalo. Sizifake thina kulolubishi, sifunde ngendlela ebuhlungu,” kubeka uKobola.
Izembe kungenzeka liphoqe iBakgaga ukuthi idayise izihlabani zayo eziningi ngenxa yokushayeka ephaketheni. Umgadli u-Evidence Makgopa, oyisethenjwa sikaHugo Broos esikwatini, ungomunye wabadlali okungenzeka badayiswe eBaroka Village. Kuyamphoqa ukuthi ashiye kwiBaroka uma esazimisele ngokudlalela iBafana Bafana.