Obengumqeqeshi weLiverpool FC uJurgen Klopp ushaqe abaningi ememezela ukuthi usethatha umhlala phansi emsebenzini wokuqeqesha.
Lo mqeqeshi ubesekhonjwa kwi-England, esanda kulaxazwa wuGareth Southgate, kodwa usheshe wayichitha le mibiko eveza ukuthi kusukela manje akasazimisele ngomsebenzi wokuqeqesha.
“Kungithathe isikhathi ukuthi ngifinyelele kulesi sinqumo. Akuyona into engivele ngavuka ngayenza,” kuchaza yena ekhuluma neGerman Football Coaches Association ngoLwesine.
UKlopp ubesehlale iminyaka ewu-23 eqeqesha. Uqale umsebenzi wakhe kwiMainz, ahlale kuyo iminyaka eyisikhombisa. Wadlulela kwiBorussia Dortmund ngo-2008, ahlale kuyo iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokudlulela kwiLiverpool.
“Ngifuna ukuthula, umqondo wami usekhaya ngokuphelela. Ngibone kuyisikhathi esihle sokuthi ngidede, ngiphumule.”
UKlopp uqhube waveza ukuthi usemusha kakhulu ukuthi engagxila ekudlaleni ipadel tennis nakubazukulu kuphela ngakho akawuvalile ngokuphelele umnyango wokubuya ngelinye ilanga.
“Okwamanje singathi ngeke ngisaphinde ngibe wumqeqeshi. Asibone kodwa ezinyangeni ezimbalwa.”
Lo mqeqeshi uthe ngeke abe nankinga nokuthatha esinye isikhundla esingenayo ingcindezi njengokuba wumqeqeshi.
UKlopp usize iLiverpool inqobe isicoco sokuqala seligi eminyakeni ewu-30. Uphinde wafaka leli qembu kuma-UEFA Champions League final amathathu, wanqoba eyodwa.