Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp ubonge uSadio Mane ngegalelo bebuya namaphuzu aphelele kwi-Aston Villa izolo ebusuku.

ILiverpool inqobe kunzima kwi-Aston Villa eshaye inethi zibekwa nje. UDouglas Luiz ubeke iVilla phambili ngomzuzu wesithathu. NeLiverpool ibuye ngokushesha uJoel Matip eshaya elokulinganisa ngomzuzu wesithupha.

USadio Mane, omataniswa neBayern Munchen, wenze okungakwayelekile eguquka ngomzimba kuhle okwenyoka, wangqofela enethini ibhola ebeligotshiwe.

ILiverpool ibuya kumphumela ongagculisi njengoba yabambana neTottenham Hotspurs ngo 1-1 emdlalweni wePremier League odlule. Ukunqoba eVilla Park kubuyiswe ithemba ngeligi njengoba amaReds eselingana neManchester City esicongweni kodwa anomdlalo owodwa ngaphezulu.

UKlopp uqhathanise uMane nomshini, wancoma ukuzikhandla kwakhe enkundleni.

“Ungumshini, ngimtshelile sekuphele umdlalo. Ungumdlali obalulekile, ukuqina kwakhe kuyasisebenzela. UMane uhlanganisa ibhola elihle, ukuzimisela nokuqina komzimba yize abadlali bonke bekhathele. Angeke ubone ukuthi yena ukhathele,” kusho uKlopp ekhuluma nabeBBC Sport.

UMane ubeshaya igoli lika-15 kwiPremier League kulesizini. ILiverpool iyiqembu lokuqala emlandweni wePremier League elinabagadli abathathu asebeshaye amagoli angu-15 kwisizini eyodwa. Kukhona uMohamed Salah noDiogo Jota.

“Lihle igoli lakhe. Ungumdlali osezingeni eliphezulu. Ukwakhiwa kwegoli bekusezingeni eliphezulu. ULuis ugobe ibhola lingalindelwe umuntu, uSadio kuphela obelilindele.

Besingekho isikhathi sokuhlela igoli. Ngibonga khona ukuthi ubadidisile sengathi ushayela ipali kanti ubeligoba. Unozinti uthwale kanzima, noSadio waqedela ngekhanda. Ngijabule ngegoli.