Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp ubefuna ukuvika ngamaqhinga ngesikhathi egxeka isitayela seTottenham Hotspurs ngemuva komdlalo weligi owaphela ngo 1-1 e-Anfield Stadium ngoMgqibelo.
Lamazwi abekwe umqeqeshi weSpurs u-Antonio Conte. ISpurs ibe yiqembu lesibili elikwaze ukuvimba iLiverpool ebisinqobe imidlalo engu–14 kwiligi.
UKlopp wayecasukile sekuphele umdlalo, wasola ISpurs ngokupaka ibhasi bukhoma. UKlopp uphinde wayishintsha lenkulumo, wathi ubefuna ukuncoma ngendlela ecashile.
UConte obekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wePremier League ne-Arsenal, uthi uyaziqonda izizathu ezicasule uKlopp.
“Kunzima ukuba umqeqeshi uma sekuphele umdlalo. Kufanele wehlise umoya, akulula neze. Nakimi kwenzekile kulesizini, ngike ngaphoxeka ngemuva kokushaywa iBurnley.
Kuyenzeka ucasuke ngoba uyazi ukuthi umphumela obhedayo uyakwazi ukushintsha izinhlelo onazo uma sekuzophela isizini. Ngiyamhlonipha uKlopp, ngiyazi naye uyangihlonipha. Kufanele afunde nami ngizofunda ukuthi akufanele ukhulume ngezitha uma sekuphele umdlalo.
Kungcono ukunaka iqembu lakho. UKlopp ukhaliphile, ungumqeqeshi osezingeni, kubalulekile ukuthi anake iqembu lakhe. Ukunaka izitha kuchaza ukuthi ufuna ukuvika noma ucashe ngesithupha ngoba uhlulwe umsebenzi wakho,” kubeka uConte.
UConte uthi kufanele ngabe ubonga lona iphuzu elilodwa uKlopp ngoba umdlalo wawunzima.
“Abadlali babephoxekile ngemuva komdlalo ngoba babenethuba lokunqoba. Sawubuka umdlalo ngosuku olulandelayo, sabona ukuthi kwakufanele kunqobe thina, hhayi iLiverpool. UKlopp wanqoba Iphuzu elilodwa, hhayi ukuthi walahla amaphuzu amabili.
Ngifuna ukuyinqoba yonke imidlalo. Lokhu ngokufaka ezingqondweni zabadlali. Uma ngisayina eqenjini, ngisuke ngilwela ukunqoba indebe.
Ukunqoba iligi eNgilandi kunzima. UPep Guardiola uthe iLiverpool inqobe iligi kanye eminyakeni engu-30. Kunzima. Kulula ukuwina iChampions League ne-Europa League kunokunqoba iligi eNgilandi. Ubhekana nezingwenya lana,” kusho lomqeqeshi.