Sphamandla Gumede

Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp ubona singekho isidingo sokuncoma umdlali wasemuva uVirgil Van Dijk olokhu eqhubeke njalo nokushaya into ecokeme kuleliqembu.

UVan Dijk uyidlale yonke imidlalo yePremier League kulesizini iLiverpool iwina isicoco seligi ngamaphuzu angu-99, yaqopha umlando weqembu.

ILiverpool ishiye oshampeni bango-2018/19 iMan City ngegebe lamaphuzu angu-18. EzikaKlopp zishaye iNewcastle United ngo 3-1 emdlalweni weligi ngeSonto. Amagoli eLiverpool ashaywe

UVan Dijk osayine esuka kwiSouthampton ngo-2019, ungomunye wabadlali basemuva kodwa uKlopp ubalula indlela yokucabanga nokuziphatha kwalomdlali.

“Nginesiqinisekiso sokuthi kudingeka elinye ihora ukuze simncome. Useqophelweni eliphezulu impela. Ungumdlali wekhethelo, ikhono analo kanye nendlela acabanga ngayo iyancomeka. Lokhu kumenza abe ngumdlali osezingeni eliphezulu. Ngiyathanda ukusebenza naye ngoba akahluphi neze,” kuchaza uKlopp ecashunwa abeSky Sports News ngemuva komdlalo.

Lomdlali wenze okufanayo nangesizini ka-2018/19, eqala yonke imidlalo yeligi yize iqembu laqeda lisendaweni yesibili kwiligi. UVan Dijk wathobeka inhliziyo ezakhe zishaya iTottenham Hotspurs ngo 2-0 kowamanqamu we-UEFA Champions League kuleyosizini. 

“Ngiyamthanda. Sathola umdlali osezingeni impela kodwa esikubona manje kuyamangalisa. Uyalithatha ikhefu uma ekhathele, okuyinto engicasulayo. Kodwa ngiyaqonda ngoba ufuna ukudlala njalo. Siyazama ukumphumuza kodwa kunzima. Asithembe uzophumula ngokuphelele emasontweni amabili,” kusho uKlopp. 

Isizini entsha yePremier League izobuya ngomhlaka 12 Septhemba. ILiverpool yakhishwa i-Atletico Madrid kwi-last 16 ye-UEFA Champions League ngoMashi, okuchaza ukuthi ngeke ikwazi ukuvikela isicoco sayo.