Owayengumdlali we-Orlando Pirates neSuperSport United, uDaine Klate, usebeke umbono wakhe ngezikhalo zikaKermit Erasmus osole Ezimnyama ngokungamhloniphi.
U-Erasmus, ohlukane nePirates ekupheleni kwesizini edlule, usanda kubalisa ngokunganikezwa inhlonipho emfanele eqenjini yize waqoka ukunciphisa umholo ngohhafu ngesikhathi ejoyina iqembu ngo-2022.
Ngesikhathi ebalisa waveza nokuthi ngesizini edlule ubebuye abekwe ngaphandle kuthiwa ulimele, ekubeni engalimele.
Ephawula ngalezi zinkulumo uKlate uthe uyakuqonda ukuthi uKermit uwuhlobo olunjani lomuntu, kodwa yena izinto uzibuka ngenye indlela.
“UKermit uwumdlali onemizwa, imizwa yakhe idlala indima. Yinto akwaziyo ukuyiveza futhi uyakwazi nokuzikhulumela. Uwumdlali onganqeni ukusho okusemqondweni wakhe. Ngaleyo ndlela akafani nami,” kusho uKlaye ekhuluma noMichael Morton.
“Ngiyakuqonda akushoyo, kodwa sibaningi kakhulu esidinga ukuhlonishwa…mina ngakuthatha njengokuhlonishwa ukusayina iminyaka emihlanu kwiPirates. Bengihola ngisho sengibolekiswe kwiSuperSport United. IPirates ibingiholela umholo ophelele.
“Bengibongwa futhi ngihlonishwa ngokuhola zinyanga zonke, nokuthola imali yokusayina ngesikhathi. Akukho nokukodwa engakuthola ngemuva kwesikhathi esasivumelane ngaso, futhi angikaze ngishode ngalutho. Iyona ndlela abangibonga ngayo, ngempatho enhle.
“Yiqembu elisho lukhulu kimina, namanje ngisaleseka kuze kube yinamhlanje. Angicabangi ukuthi kukhona iqembu elingikweleta kona…namanje ngisaluzwa uthando lwabandeli bePirates uma ngihamba emphakathini. Akukho okunye engikulindele.