Umqeqeshi omusha weChippa United uDaine Klate uthi ufuna ukubumba isikwati sakhe ngabadlali abasebancane abasuka khona eGqeberha.

UKlate, othathe izintambo kuKurt Lentjies emasontweni amabili adlule, uzoqeqesha okokuqala esigabeni esiphezulu kwazise ubehola iqembu lakuDSTV Diski Challenge kulesizini.

“Enye ingcindezi engibhekene nayo njengomuntu ozalelwe eGqeberha, ophinde wasebenza njengomqeqeshi weChippa DDC ukuhlola abadlali bakulendawo. Baningi abadlali baseGqeberha engizobatomula.

Iqembu lifuna ukusebenzisa abadlali baseGqeberha, okunye okubalulekile ukuthi sishintshe izimpilo zabadlali bakulendawo abaningi.

Ngokujwayelekile, abadlali kufanele balibangise kwezinye izifunda uma bezimisele ngokuba ngekusasa eliqhakazile ebholeni. IChippa yilona kuphela iqembu elikhona e-Eastern Cape, sifuna ukuvulela abadlali bakulendawo amathuba,” kubeka uKlate ekhuluma nabezindaba.

UKlate uthi bekulula ukwamukela umsebenzi wokuhola iqembu elikhulu leChilli Boys yize uSihlalo uSiviwe Mpengesi enomlando omubi wokuxosha abaqeqeshi uma sebebhinjelwa imiphumela.

“Ngikhulumile nomndeni wami kanye nezihlobo ngicela bengibonise. Ngiyathanda ukuthola imibono eyahlukene ukuze ngizothatha isinqumo esiphusile. Bekulula ukuthatha isinqumo.

Ngifuna abadlali bakuzonde ukuhlulwa. Mhlampe bebekujwayele ukuhlulwa ngaphambilini. Ngizozama ukushintsha imiqondo yabadlali, ngilungise inkinga yokugqoza kwemiphumela,” kubeka uKlate.

UKlate uthi uzothola izimpendulo ngabadlali azobadinga kulelisonto njengoba bezobamba ikhempu eGoli.

“Ngijabule ngesikwati sami, indawo nendawo ibangwa abadlali ababili. Baningi abadlali abasebancane abaqhamuke kwinkulisa, isikwati sibukeka sisihle kakhulu.

Sizoqinisa lapho okudingekayo khona kodwa sizobheka abadlali abakhona emakethe. Kubalulekile ukuthi sibheke isikhwama sezimali ngaphambi kokusayinisa kodwa sizobheka ukuqinisa ukuze iqembu lizokwazi ukuncintisana kwiligi.