Umndeni kaThulani Cele usakhungathekile ngokulahleka kwalomdlali obemenywe kwinhlolokhono eqenjini laseGeorgia iGagra FC.

UCele, ongowokudabuka eMlazi, ulahleke eGeorgia lapho abeyokwenza khona inhlolokhono. UCele wadlala kwiNedbank Ke Yona Team, wagcine esayiniswe AmaZulu.

Uyise womdlali uBongani Cele utshele umsakazo iSAFM ukuthi bakhathazekile ngendodana yabo elahlekile.

“Sikhathazekile kakhulu siwumndeni ngokulahleka kukaThulani. Uhambe ngomhlaka 4 kuMeyi eyokwenza inhlokokhono eGeorgia. Usifonelile ngomhlaka 3 kuJuni esitshela ukuthi uyabuya is a kodwa akazange abuye.

Sithole ucingo oluvela kumuntu waseGeorgia osichazele ukuthi uThulani uboshiwe. Sagcina lapho ukuzwa ngaye,” kubeka uBongani.

Uchaze ukuthi imenenja eyayibhekela iKe Yona Team abadlali iyona eyahlanganisela uThulani inhlokokhono kwiGagra FC.

“Imenenja ebizwa ngoBaggio kwiKe Yona Team iyona eyahlanganisela uThulani inhlolokhono. Umndeni wakhokhela zonke izindleko, okuyinto ethusayo kakhulu.

UThulani wasitshela ngezinkinga abhekane nazo ehhotela ngoba uBaggio akakhokhanga izindleko zokuhlala. Wasifonela ekhala, esitshela ukuthi akatholi ngisho ukudla ehhotela ahleli kulo.

UThulani ufike eGeorgia bamtshela ukuthi iqembu lisahambile, angeke aqale ukujima. Bamtshele ukuthi umqeqeshi uxoshiwe, kufanele alinde kuqashwe omusha. Ugcine engajimanga neqembu elibizwa ngeGagra FC,” kubeka uBongani.

UBongani bakuzame konke ukuze bezosiza indodana yabo.

“Sesikuzame konke siwumndeni. Sifonele uhulumeni, basitshela ukuthi abanalo ihhovisi eGeorgia. Angisakwazi okufanele ngikwenze, yingakho ngifike kulomsakazo wakho.

Isimo sibucayi endlini, asikwazi nokulala ngoba sikhathazekile ngendodana yethu. Sikhokhele zonke izindleko ngisho nethikithi lakhe lokubuya. Kodwa wayesitshela ukuthi isimo sakhe sibucayi, wayengakutholi nokudla.

Sanquma lapho ukumkhokhela ithikithi lokubuya. Kubukeka sengathi akangenanga nasebhanoyini. Okunye esingakutholi kahle ukuthi kunomdlali waseNingizimu Afrika uMasego owayehambe noThulani.

UMasego ubehlala naye uThulani, yena ubuyile eGeorgia kodwa uThulani akabuyanga,” kusho uBongani.