Inkakha yeBafana Bafana uDoctor Khumalo ukhwele wadilika kwiSouth African Football Association (SAFA) eyisola ngokuba nesandla ekubhacazeni kweBafana Bafana.

UKhumalo, owanqoba I-African Cup of Nations ngo-1996 neBafana, ubalwa njengomunye wabadlali abakhulu emlandweni webhola eNingizimu Afrika.

Ubuze ukuthi kungani kungasetshenziswa amaqhinga ayesebenza kudala ngoba iBafana yanqoba i-AFCON kusebenza lawomaqhinga. UKhumalo ubekhuluma esithangamini nabezindaba enkhankasweni kaRia Ledwaba ofuna ukuba uMengameli weSAFA.

UKhumalo ukhale ngokungaqokwa kwezinkakha zeBafana ukuba zizosebenza kwiSAFA.

“Kukhona abangaqondi. Zonke izindebe esinazo esikwatini sizinqobe siholwa abaqeqeshi bethu, uBra Shakes Mashaba waba ngumqeqeshi wokuqala owafaka iqembu lika-under 23 kuma-Olympics. Ngo-1996, uClive Barker wanqoba i-AFCON, was ifaka kwiNdebe yoMhlaba. Kwakukhona uJomo Sono ngo-2002. NoTrott Moloto wayekhona esikwatini. Okubi nje ukuthi sacindezela uPitso ngoba sizitshela ukuthi uyisahluleki.

ISenegal iqede iminyaka engu-8 ikholelwa ku-Aliou Cisse, namuhla ungushampeni. Kungani singakholelwa kubantu bakithi? Ubuholi bethu buyabheda. Kufanele kwenziwe izinguquko. Lelizwe elabanqobi. Akufanele sihlale sijabulela uMark Fish, Lucas Radebe noDoctor ngoba babedlala ngo-1996. Sekwadlula iminyaka engu-26, namanje akwenzeki lutho,” Kubeka uKhumalo.

UDoctor ukhomba ubuholi beSAFA ngokubheda kwemiphumela yeBafana. Uthi abakwazi ukusebenzisana nePSL ukuze kucabeke indlela eya phambili.

“Asidlaleli ukuwina. Sifuna ukudlulela phambili, yilona ithemba esinalo lelo. Ngahlambalazeka ngibuka umdlalo weBafana neFrance. Nathi sadlala neFrance, England neGermany kodwa sasingabhacazi kanje. Sasazi ukuthi simele izwe. Uma iqembu lesizwe libheda, akushintshwe ubuholi. Baningi abaqeqeshi bethu abasenzele okukhulu kodwa asibathembi.

Kukhona uHugo Broos engimhloniphayo. Unenkinga enkulu ngoba akavumelekile ukuhlangana nabaqeqeshi bakuPSL. Kungani engakwazi ukuxhumana nabanye abaqeqeshi? Ubuholi buyabheda. Akukho ukusebenzisana kahle. UClive, uMashaba babekwazi ukukhuluma nabaqeqeshi,” Kubeka uKhumalo.