USihlalo wePSL uDr Irvin Khoza usecebise amaqembu ngokuthi aqhubeke nemizamo yokuthola abaxhasi ngoba azikho izinhlelo zokukhuphula isibonelelo esikhishwa yiligi njalo ngenyanga.

NgoLwesithathu, iPSL iqinisekise iBetway njengabaxhasi abasha beligi abazokhokha izigidi ezibalelwa ku-R900 million eminyakeni emithathu ezayo.

UKhoza uthe angeke ishintshwe imali yesibonelelo enikezwa amaqembu. IPSL ikhokhela wonke amaqembu angu-16 imali engu-R2 million ngenyanga, iphinde iwagixabeze ngo-R8 million oseceleni okhishwa kanye ngesizini.

“Imali enikezwa amaqembu eyesibonelelo. Angikhulumi ngezinto eziphathelene nemali ekubeni amaqembu engenalo ulwazi oluphelele. Angifuni ukudida abantu, ngibanikeze ithemba elingekho. 

“Imali yesibonelelo ifana nesipho. Sizobamba umhlangano obalulekile ngoNovemba, kungenzeka sikhulume ngemali yesibonelelo. Amaqembu awaziphandele, azame ukuthola abaxhasi.

“Iqembu ngalinye linikezwa isibonelelo esibalelwa ku-R30 million ngonyaka, imali emahhala. Imali etholakala kalula, azikho izithibe,” kubeka uKhoza.

UKhoza uthe bazoyiqinisekisa ngokuhamba kwesikhathi imali ezonikezwa oshampeni namaqembu aqede kwi-top 4.

“Ama-fixtures awakaphumi, angeke ngikwazi ukukhuluma ngemali ezohlonyulwa yiqembu elingoshampeni beligi. 

“Ngizonihlebela ukuthi iligi izoqala ngomhlaka 10 kuSepthemba ngoba sihlonipha imidlalo yeBafana Bafana (AFCON Qualifiers). Imidlalo yeMTN i izoqala ngomhlaka 3 ku-Agasti,” kuchaza uKhoza.

UKhoza uveze nokuthi iDStv izoqhubeka nokuxhasa iDiski Challenge. 

“IDiski (Challenge) inenqwaba yababukeli. Abafana abasebancane bayafisa ukudlala kwiDiski ngoba siyenze yathandeka. IDDC izoqhubeka ixhaswe, sivuselele inkontileka ngeminyaka emihlanu ezoqala kulesizini,” kubeka uKhoza.