Kungenzeka avumbuke kwiKaizer Chiefs ngesizini ka-2022/23 uSibusiso Vilakazi uma sekuqinisekisiwe ukuchithwa kwakhe kwiMamelodi Sundowns.
Kubikwa ukuthi sekubambe isivumelwano kuphela ngaphambi kokuthi uVilakazi adedelwe yiDowns. UVila udlale emidlalweni engu-21 kuphela kulamasizini amabili adlule.
UVilakazi (33) uphelelwa yinkontileka ngomhlaka 30 Juni 2022, kanti neqembu selimtshelile ukuthi angeke yelulwe.
Inkontileka yakhe inombandela wokwelulwa kodwa izikhulu ziyala ukunikeza unyaka owodwa njengoba ehlushwa ukulimala nokuphelelwa ifomu.
IKaizer Chiefs iqale izingxoxo nemenenja kaVilakazi ezinyangeni ezedlule, ibuza ngesimo sakhe eChloorkop.
Kuvela ukuthi uVila angalithokozela ithuba lokuyodlalela iChiefs ngoba iyiqembu elikhulu eNingizimu Afrika futhi usazibona egijima esigabeni esiphezulu.
Usehlale amasizini ayisithupha eChloorkop, wanqoba iligi amahlandla amahlanu, iNedbank Cup kabili, iMTN 8, iCAF Champions League ngo-2016 kanye neCAF Super Cup.
IDowns idedele uGeorge Maluleka phakathi nesonto, okuyisinqumo esimthusile naye umdlali.