Umhlaziyi webhola kwiDiski TV uJunior Khanye uthi amaphaphu phansi kubalandeli beKaizer Chiefs, ukuqashwa kuka-Arthur Zwane nokusayiniswa kwabadlali abasha angeke kunqobise izindebe ngokushesha.
UKhanye uthi unethemba lokuthi uZwane uzoletha abadlali abazokwazi ukudlala ibhola leChiefs.
Akafunanga ukubeka amathemba kuZwane ngokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena. UKhanye ukhale ngokushoda kwesipiliyoni ku-10111, wathi usemkhulu umsebenzi omhlalele kwiGlamour Boys.
“Ngijwayele ukukhuza abalandeli beChiefs ngokuthi bengalindeli ukubona iqembu liqukula izindebe ngokushesha. UZwane ulazi ukusuka nokuhlala iqembu. Uyabazi abadlali abdingekayo eqenjini.
Ngiyakhala ngokushoda kwesipiliyoni kuZwane. Uzokwazi ukubuyisa ukuzethemba kubadlali kodwa angeke anqobe izindebe kwiChiefs.
Kuningi okufanele kulungiswe kwiChiefs. Angikholwa ukuthi usengawina indebe ngesizini ezayo. Abalandeli abangalindeli izindebe,” kusho uKhanye.
UKhanye uthi uZwane uzohlanganisa iqembu kuphela, alishiyele umqeqeshi olandelayo ngoba akamboni eqeda amasizini amathathu kwiChiefs.
“UZwane uyena okhomba abadlali abafunwa iqembu, kusekhona abanye akabafunayo. Kukhona umqeqeshi ozoqashwa ngemuva kukaZwane, loyo uzobe elazi ukusuka nokuhlala ibhola laseNingizimu Afrika,” kubeka uKhanye.