Ukushweba oqekelele bamathuba kushiye umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr emangele, eswele namagama afanele okuchaza lenkinga ebibhekene neqembu lakhe kulesizini.
ISwallows iphinde yageja inqwaba yamathuba idlala ngokulingana ibhekene neKaizer Chiefs kwiligi izolo. Umdlalo uphele ngo 2-2. Lomphumela ubalekise iziNyoni ezembeni yathola ithuba lesibili lokubuya kwiDSTV Premiership njengoba izodlala kuma-playoffs.
UKerr uphinde wakhala ngobuthuntu obukhonjiswa abagadli phambi kwamapali.
“Bathole amathuba amabili, bashaya amagoli. Bekungeke kusashintsha lutho ngoba iGalaxy iwinile. Sidlala kanje njalo kodwa siyageja. Sihluleke ukushaya igoli umdlalo usuzophela. Sidinga abadlali a bazoshaywa amagoli.
Ngiyababongela abadlali, bazikhandlile. Ngiyaziqhenya ngabo, sizophuma kulesimo esikuso. Sengikhathele ukuphinda inkulumo eyodwa. Siyishubisele iChiefs, yona ibidlalela ukungena kwiConfederations Cup.
Wonke amaqembu esidlala nawo siyawashubisela kodwa sibhekene nalesimo ngenxa yokushweba. Ngisho nabalandeli bayabona ukuthi siyageja. Siyaziqeqesha ngokushaya amagoli njalo. Siyihlulile iKaizer Chiefs emdlalweni,” kusho uKerr.
ISwallows izodlala neCape Town All Stars ne-University of Pretoria kuma-playoffs. UKerr uthi kuzoba nzima ukudlala kuma-playoffs.
“Izinto sezihlukile kakhulu manje, amaqembu akuNFD anyusa izinga uma ezodlala neqembu lakuPSL. Kufanele siqinisekise ukuthi siyawasebenzisa amathuba.
Kuzoba nzima kodwa sibumbene eqenjini. Sizimisele kakhulu, sifike eFNB sazoshubisa. Sibhede sesiwina ngo 2-1, sihlulwe ukuvala ibhola eligotshiwe, igoli langena kanjalo. Ngiyajabula ngendlela esidlale ngayo kodwa bekufanele sishaye amagoli,” kubeka uKerr.