Umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr usola intelezi enamandla ehlasele abadlali bakhe abageja imbudlu yamathuba emidlalweni yeligi.
Ukushweba kweSwallows sekuyishiye ilengela ehlathini njengoba Idonsa kanzima kunombolo 15 kwiligi. IBaroka ebambe amabhuleki ezansi, iMaritzburg United neTS Galaxy ngamanye amaqembu asengcupheni yokugawulwa yizembe kuDSTV Premiership kulempelasonto.
IBaroka izithengele isikhathi ishaya iSuperSport United ngo 3-1 ePolokwane, iGalaxy yabambana neMarumo Gallants.
ISwallows neBaroka bayalingana ngamaphuzu angu-25, iGalaxy ihleli ku-27. IMaritzburg inamaphuzu angu-28 kodwa isele ngemidlalo emibili yeligi. ITeam of Choice idinga iphuzu elilodwa ukuze izovika izembe.
IziNyoni ziphinde zashaya udaka zibhekene neChippa United eDobsonville Stadium ngoMgqibelo. ISwallows ibifika ebhokisini kodwa kunqabe uma sekufanele isebenzise amathuba.
UKerr uphinde wazwakalisa ukungenami ngokugeja kwabadlali bakhe.
“Sizihlulekele thina. Besinolwazi lokuthi bazopaka ibhasi, bazame ukuzumisa. Bekufanele silinde. Ngibatshelile abadlali ukuthi abasebenzise ingqondo uma befuna ukuhlula izitobha zeChippa.
Besiwuphethe umdlalo, angeke ngibasole abadlali. Umdlalo ubumkhulu, nabo bayazi. Inkinga kube yizinqumo esizithathile phambi kwamapali. Siyeke inqwaba yamagoli. Umdlalo besiwuphethe njengoba sijwayele. Kubonakala ngathi siqalekisiwe, ukuthi angeke silishaye igoli,” kubeka uKerr.
ISwallows inelinye ithuba lokupholisha phambi kwamapali uma isibhekene neqembu elivuzayo emuva iKaizer Chiefs. Ukunqoba kwiChiefs kungenzeka kungayisindisi ezembeni iSwallows.
“Kufanele sinqobe, sithembe ukuthi iChippa izoshaya iGalaxy, neMaritzburg inqobe kwiBaroka. IBaroka ingaphunyuka kulesi no, kanjalo neGalaxy. Sisengcupheni yokushona phansi.
Kunzima uma sihluleka ukushaya igoli ekubeni siphatha umdlalo. Kweminye imidlalo siyeka oqekelele bamathuba. Kufanele siqinise phambi kwamapali, nabadlali kumele bazame ezinye izindlela, baphoqe amaphutha kwizitha.
Kuyenzeka sigobe amabhola kodwa kungaveli lutho. Besidlalela ethembeni lokuthi ibhola lizothola umdlali wethu. Kuyamangaza ngoba ejimini kunomehluko omkhulu, abadlali bayazimisela namagoli bayawashaya,” kubeka lomqeqeshi.