IBaroka FC, iSwallows, TS Galaxy neMaritzburg basengcupheni yokugawulwa yizembe ngoMgqibelo uma imiphumela yeDSTV Premiership ingabavuni.
Wonke lamaqembu abhekene nengwadla njengoba amaphuzu agcwele ukuze ezosinda. IMaritzburg kuphela ehleli kahle njengoba inemidlalo emibili esandleni, engayisiza ibalekele nama-playoffs adlalwa yiqembu eliqede kunombolo 15.
Umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr uthi kufanele bashaye iKaizer Chiefs eFNB Stadium ukuze bezoba nethuba lokuvika izembe.
“Kufanele sishaye iChiefs, nayo kufanele iwine ukuze izoqeda endaweni yesibili. Kunzima ngempela. Angeke ubukele phansi iBaroka, izofika ngomfutho kwiMaritzburg njengoba yayikade iwinile ibhekene neSuperSport ekhaya. ITS Galaxy idinga ukunqoba emdlalweni weChippa United esindile ezembeni,” kubeka uKerr.
UKerr uthe iSwallows isesimeni esibi sokuthandazela ukuthi ivunwe imiphumela yakweminye imidlalo ukuze izosinda.
“Siyahluleka ukushaya amagoli yize amathuba siwakhanda. Sesilindele ukuvunwa eminye imiphumela. Sizonaka umdlalo wethu kuqala, sibheke eminye ngokuhamba kwesikhathi.
Abadlali bayayazi indawo esikuyo, nokuthi sifike kanjani. Alikho iqembu elidlala ibhola elihle kunelethu. Sizigwaza ngo wethu selokhu ngafika kwiSwallows, siyahluleka ukuwina.
Angisenawo amagama ngoba sihleli kabuhlungu ngenxa yokuhluleka ukushaya amagoli. Akukhathalekile ukuthi udlala kanjani, uzohlala ngasezembeni uma uzohluleka ukushaya amagoli. Sizigwaze ngowethu ngokungawasebenzisi amathuba alula,” kusho uKerr.