Umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr uthi sekuyamcasula ukunconywa ngokuvikisa amaqembu ezembeni.

UKerr ukhulume kanje ngemuva kokutakula iSwallows ebibheke kwiGladAfrica Championship ngoLwesithathu. IziNyoni zishaye AmaTuks ngo 1-0, zabaleka ezembeni.

Lomqeqeshi usesize amaqembu amane avika izembe kwiDSTV Premiership. Lamaqembu iTshakhuma Tsha Madzivhandila, Baroka, Black Leopards neSwallows.

UKerr ufike kwiSwallows ngoDisemba 2021, wathola iqembu libhinjelwa imiphumela. Izinyanga eziyisithupha ezilandelile bezibucayi ngoba bekubukeka sengathi iziNyoni zibhekene ehlathini.

“Amaqembu amathathu engiwavikise izembe awafikanga kumaPlay-Offs, besiwina imidlalo kwiligi, sisinde kanjalo. Kuyajabulisa ukuvika izembe kodwa sengikhathele manje, sekuyangicika ukunconywa njengomqeqeshi ovika izembe,” kubeka uKerr obekhuluma nabeSupersport TV.

Kuyajabulisa khona ikakhulukazi uma ungazazi izinkinga ezenzeka eqenjini. Kukhona izinto ezikhungethe iqembu eziphazamisa abadlali, ithimba labaqeqeshi nemindeni yabo.

Sifunde kanzima, sifike kumaPlay-Offs sawina sibhekene neqembu elinzima. AmaTuks ayahlasela, sikwazile ukumelana nengcindezi abayiphose kithi. Silwile, kufanele ngincome abadlali ngomphumela, bekukuhle nokungangenelwa yigoli,” kubeka lomqeqeshi.

UKerr uthi bekuyisikhathi esinzima eqenjini kwazise bekunezinkinga eziningi ebezikhungethe iqembu. Uncome abadlali ngokuqhubeka nokulwa kumaPlay-Offs.

“Izinkinga ziyaziwa kwabezindaba kodwa angeke ngikhulume kakhulu. Ziningi izinto ezenzeka eqenjini. Bonke abantu bayawenza amaphutha, kufanele siwalungise ukuze Sizoqhubeka phambili.

Iqembu belibhekene nengcindezi, abadlali bebebhekene nobunzima. Bazimiselile kakhulu, ngijabule ngabo. Okushodile nje umuntu ozoqedela amathuba,” kubeka lomqeqeshi.

Inkontileka kaKerr izophela ngomhlaka 30 Juni 2022, kanti neqembu belingakaze liqale izingxoxo zokuyelula.