Akucaci namanje ngekusasa likamqeqeshi weSwallows uDylan Kerr ozobamba izingxoxo nezikhulu zeqembu ngesonto elizayo mayelana nomsebenzi wakhe.
Inkontileka kaKerr iyaphela ngoLwesine.
UKerr usize iSwallows ivika izembe kumaPlay-Offs ebhekene neCape Town All Stars namaTuks kulenyanga.
Oyisikhulu seSwallows uDavid Mogashoa uthi uKerr akalitakulanga iqembu ezembeni kodwa uyamxolela ngoba ufike isimo simapeketwane ngesikhathi kuxoshwa uBrandon Truter ngoNovemba 2021.
Ekhuluma nabeSABC Sport, uMogashoa ubeke kanje:
“Ngiyezwa abantu abaningi bathi uKerr utakule iqembu ezembeni, umqeqeshi uthole imidlalo eminingi yokubumba iqembu. Akusikho ukuthi ubesele ngemidlalo emihlanu efika eqenjini.
Umqeqeshi uthole imidlalo engu-18. Angeke uthi umuntu utakule iqembu ethole imidlalo engu-18. Kusale kancane iqembu lidliwe yizembe. Besilindele ukuqeda kunombolo 9 noma endaweni yeshumi, besingakulindele ukulengela ezembeni.
Angeke ngimsole umqeqeshi ngoba ubesebenza nesikwati asifice sikhona. Abadlali bebebaningi kakhulu. Bekukhona abadlali abebengajabule ngoba bedliwa yibhentshi, bekufanele iqembu liboze. Angeke ngithi umqeqeshi usindise iqembu,” kusho uMogashoa.
Yize kungacaci ngesikhundla sikamqeqeshi kwiSwallows, uMogashoa uthembisa ukunikeza umqeqeshi konke akudingayo ukuze iqembu lizodlala kangcono ngesizini ezayo.