UWillard Katsande uthi ukushaya iKaizer Chiefs phambi kwabalandeli e-Emirates Airline Park kuzoba yimpumelelo enkulu.

IBabina Noko izodlala okokugcina ekhaya kulesizini uma isitholana neChiefs ngoMgqibelo ngehora lesithathu.

“Sidlala umdlalo wokugcina ekhaya. Siyiqale kahle isizini emzuliswaneni wokuqala. Kujwayelekile ukwehla kwezinga uma udlala iligi. Imidlalo yomzuliswabo wesibili ijwayele ukuqina.

Sizodlala neqembu elikhulu emidlalweni wethu wokugcina ekhaya. Sifuna ukubuyisa injabulo kubalandeli bethu njengoba sebebuyile. Kuzoba umdlalo omkhulu kodwa sifuna ukunqoba ekhaya ngoba kudala sagcina ukuthokozisa abalandeli bethu. Kufanele bajabule ngesizini yabo yokuqala esigabeni esiphezulu,” kusho uKatsande ekhuluma nabezindaba.

USalt and Vinegar uthe kunenjabulo nokuzwana ekhempini yeqembu yize imiphumela ingavumi emidlalweni edlule. ISekhukhune ibihambela phezulu ekuqaleni kwesizini, ihleli kwiTop 8.

Izinto seziyabheda kwiBabina Noko, esiphelelwe yithimba lokungena kwiTop 8 njengoba ihleli kunombolo 10 kwiDSTV Premiership.

“Abadlali bajabule. Imiphumela iyagqoza kodwa imiqondo yethu angeke iphazamiseke. Sizoqinisa lapho kushoda khona ukuze sizowina umdlalo,” kusho uKatsande.

IChiefs isanethuba lokuqeda endaweni yesibili noma eyesithathu, ingene kowodwa umqhudelwano weCAF. IChiefs kufanele iyinqobe yomibili imidlalo esele, ibeke ithemba ekutheni imiphumela yeminye imiphumela iyabavuna.