Umdlali omusha weChelsea ohlale iminyaka kwiNapoli, uKalidou Koulibaly, uthi umbono womnikazi waleli qembu, u-Aurelio De Laurentii ngabadlali base-Afrika, ukhombisa ukuthi akabahloniphi. 

UKoulibaly ubephendula inkulumo kaLaurentii oveze ukuthi akasafuni ukusayinisa abadlali base-Afrika uma bengezukunqaba ukumela amazwe abo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON).

“Umbono wakhe kodwa ngokwami, ngibona kubalulekile ukuhlonipha wonke umuntu. Ngesikhathi ngidlalela iNapoli, bengidlala nakwiSenegal. Nginqobe i-AFCON ngidlalela iNapoli. Ngabona ukuthi kunzima kubona ngesikhathi sihamba siyodlala kulo mqhudelwano, kodwa sawunqoba futhi ngijabule kakhulu ngalokho nanamhlanje,” kusho uKoulibaly esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu. 

“Sifuna kuhlonishwe amazwe ase-Afrika ngendlela efanayo nawase-Europe. Njengokapteni weSenegal, amazwi akhe awehli kahle kodwa ngizokhetha ukuwuhlonipha umbono wakhe. Uma ecabanga ukuthi iqembu lingadlala ngaphandle kwabadlali base-Afrika okwakhe.” 

UKoulibaly uqhube wathi akuyena wonke umuntu ocabanga ngalendlela kubaphathi beNapoli.

“Ngiyazii nabalandeli abacabangi ngalendlela,” kuqhuba yena. 

INapoli nyakenye yanqaba ukudedela umgadli uVictor Osimhen ukuthi ayomela iNigeria kwi-AFCON ngesizathu sokuthi uxinwe yiCOVID-19.