Owayengumdlali weKaizer Chiefs osewumhlaziyi webhola, uJunior Khanye, ufanise abadlali abahlaselayo beKaizer Chiefs nabeLiverpool kulandela indlela abadlale ngayo bebhekene neMaritzuburg United. IChiefs inqobe lo mdlalo ngo 3-0 ngamagoli avalalwe wu-Ashley Du Preez, Keagan Dolly noMduduzi Shabalala.

Ukhanye, ngeledlule ofunge wagomela ukuthi iChiefs ngeke isibange isicoco neMamelodi Sundowns kule sizini, uyivumile indlela edlale ngayo iGlamour Boys kulo mdlalo, wancoma nomqeqeshi u-Arthur Zwane ngamaqhinga omdlalo.

“Abadlali beKaizer Chiefs abathathu ababedlala phambili bangikhumbuze abeLiverpool namhlanje. Nginenkinga kodwa nesisu. Kumele babe nomuntu ozolekelela emuva, awukwazi ukuba nabadlali baseswini abahlaselayo kuphela ngaphezu kwabagadli abathathu.

“Namhlanje iMaritzburg idedele amagoli ngenxa yamaphutha ayo, iChiefs ibibafakela ingcindezi bebaphoqa ukuthi benze amaphutha. Kodwa kumele ngibashayele ihlombe abadlali beChiefs ngendlela abebecindeza ngayo noma le ndlela yokudlala ikhathaza.”

UKhanye uthe ngokubona kwakhe u Lehlogonolo Matlou udlale kangcono kunoSiyethemba Sithebe noYusuf Maart ngenxa yamaphasi abewafaka esiwombeni sokuqala.

“UNgezana noKwinika badlale kahle emuva, kodwa iMaritzburg ayibadalelanga izinkinga,” kuqhuba uKhanye.

“Ngifuna ukubabona ngoMgqibelo uSithebe, uMaart noMatlou ngoba iMaritzburg ayibavivinyanga.”