Umculi wowokholo uJumbo useyalele abahleli beDoek on Fleek ukuthi bacacisele amaciko ukuthi akuyena oqasha abazonandisa kulo mcimbi njengoba esehabule ukuthi kunabasole yena ngokungaqashwa.
UJumbo ubhale ngalokhu ngo-5 ekuseni ekhasini lakhe kuFacebook ngoLwesine ekuseni ezwakalisa ukungenami ngokusolwa ngokuvimba amanye amaciko kulo mcimbi.
“Doek On Fleek Lifestyle batsheleni akumina oqasha Ama artist niyaziqashela Nina akuqashi uJumbo naye usuke eqashiwe. Ngithola imiyalezo ethi abaculi abaningi babona sengathi bavinjwe yimi, hhayi bafowethu nodadewethu angivimbanga muntu mina,” kubhala lo mculi.
Uqhube wafaka inombolo esetshenziswayo uma abantu befuna ukumqasha, ecacisa ukuthi naye uyaqashwa.
“Noma kwenzekile wathola ithuba yeka elikaJumbo igama bayaniceba futhi leyonto imane ikumoshele kubahleli bemicimbi. Shaya ingoma uvale phezulu uyisebenzele wena, yeka oJumbo abakuvimbanga.”