UMengameli weSAFA uDanny Jordaan uthi ukulingana kwamaholo abadlali beBanyana Banyana neBafana Bafana kuyinkulumo ezodingidwa uHulumeni ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo.

UJordaan ubeke kanje ngesikhathi ezokwamukela iBanyana ngoLwesibili. IBanyana ibibuya eMorocco nendebe ye-Africa Women’s Cup of Nations (WAFCON) eyinqobe ishaya osokhaya ngo 2-1 kowamanqamu ngoMgqibelo.

Kukhalwa njalo ngodaba lokungalingani kwemali etholwa iBanyana uma kuqhathaniswa neBafana uma kunemidlalo noma amabhonasi.

Ukuphumelela kweBanyana kwimiqhudelwano efana neWAFCON, iNdebe yoMhlaba neCOSAFA Cup kulokhu kuyibuyisa imibuzo yokungalingani kwamaholo.

UJordaan ufuna iNingizimu ilandele ezinyathelweni zeSierra Leone, Ireland, USA, England, Norway, Spain neNetherlands okungamazwe asegunyaze ukuholelwa imali elinganayo kwamaqembu esizwe ngaphandle kokukhetha ubulili.

“Ezwenikazi i-Afrika, iSierra Leone iyiqembu lokuqala eligunyaze ukuthi kukhokhelwe ngokulingana iqembu lesizwe labesifazane nelabesilisa, isivumelwano saqhamuka kuHulumeni nososeshini webhola eSierra Leone.

IBrazil nayo isigunyaze ukukhokhelwa ngokulingana kwamaqembu esizwe, iNorway ilandele lowomthetho. I-England nayo ilandele isinqumo esifanayo. Sekufanele iNingizimu Afrika ilandele lomgudu, sizohlangana nekomidi eliphezulu sidingida loludaba.

Ngiyathemba nezikhulu kweminye imidlalo zizolandela iSAFA kuloludaba lokungalingani kwemali etholwa amaqembu esizwe ngenxa yokuhluka kobulili. Umehluko uyabonakala emalini eholwayo ngemuva kwemidlalo kanye namabhonasi imbala. Yize sijabulela iBanyana, kufanele sikubeke obala ukuthi sinezingqinamba esibhekene nazo.

Sizonibiza futhi (abezindaba) uma sesikhulumile noNgqongqoshe wezemiDlalo namaSiko (Nathi Mthethwa), savumelana ngokuthi ayilingane imali ekhokhela iBanyana neBafana.