UMengameli weSAFA uDanny Jordaan ukholwa ukuthi sekudingeka kuncishiswe isibalo sabadlali abangabhaliswa yiqembu kwiPremier Soccer League (PSL) ukuze kuzophela ukumosheka kwabadlali abanekusasa eliqhakazile.

UJordaan ubona ukuthi ukwehliswa kwesibalo kuzosiza kuqede ngomkhuba samaqembu asayinisa abadlali abantswempu kodwa egcine abkhuhlisa ngebhentshi.

UMengameli weSAFA uqhube wathi baningi abadlali abamoshakalelwe ibhola ngenxa yokusayina emaqenjini anezikwati eziqinile, bagcine sebekhuhla ibhentshi.

Uthi loluhlelo luzovulela abadlali ithuba lokucija amakhono abo, kuqinisekiswe nokuthi amaqembu aseNingizimu Afrika ayakwazi ukuncintisana.

UJordaan uthi lomkhuba wamaqembu ugcina usulimaza neqembu lesizwe imbala.

Ekhuluma eSAFA Fun Valley ngesonto eledlule, uJordaan ubeke kanje:

“Abadlali kufanele badlale ibhola. Kusiza ngani ukugcinwa esikwatini seqembu kodwa ngigcine ngingadlalanga nowodwa umdlalo onyakeni? Ngizozimisela kanjani ejimini,” kubeka uJordaan.

UJordaan ubeke umzekelo ngonozinti uMondli Mpoto obeyinsika ezinhlakeni ezincane eqenjini lesizwe.

Yize uMpoto ebhaliswe kwiRoyal AM, uthwele kanzima ngokuthola isikimu kwiPSL.

“Kukhona abadlali abaqhamuke ezinhlakeni ezincane zeqembu lesizwe, badlala kwiNdebe yoMhlaba ka-U17, U-20 nakuma-Olympics eTokyo.

Awuzame ukubabheka labo badlali. Baphi manje? Yingakho ngibuza ngoMpoto. UMpoto ubenekusasa eliqhakazile njengonozinti kodwa ibhola lakhe limile,” kubeka uJordaan.