Kungenzeka ithole upotsho wokubuya kwiGladAfrica Championship iJomo Cosmos uma iHungry Lions iphucwa amaphuzu.
Kuyasolakala ukuthi ikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPSL lingagcina linqume ukuphuca iLions amaphuzu angu-15 ngenxa yokudlalisa uTshepo Mohlala emidlalweni elishumi ngesizini edlule.
IJomo ikhala ngokuthi uMohlala akanayo imvume yokudlala kwiGladAfrica Championship njengoba enganikezwanga incwadi yokukhululwa esadlalela ezeNkosi kumasizini adlule.
UJomo Sono ukhulume nabeDiskiTimes, wabatshela ukuthi sebefake isikhalazo ekomidini eliqondisa izigwegwe. UJomo uqinisekise ukuthi icala lizoqulwa ngomhlaka 27 Juni.
Uveze nokuthi iqembu lakhe neSAFA abakaze baqinisekise ukukhululwa komdlali ngesikhathi eyojoyina iKaizer Chiefs.
“Angeke ngikhulume okuningi ngecala ngoba lizoqulwa ngesonto elizayo. Umdlali angeke akwazi ukukhipha incwadi yokukhululwa ngoba asikaze simnikeze yona.
Angeke ngokukhulume lokho. Umdlali akazange akhululwe yiJomo Cosmos, imidlalo ayidlale kwiHungry Lions iyafana nokuthi uphule umthetho weNSL,” kubeka uJomo.
IJomo iqede iligi ihleli endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-28. ILions yona iqede kunombolo 11 ngamaphuzu angu-36. Uma beyiphuca amaphuzu angu-15, iLions izosala ku-21, idliwe yizembe.