Umqondisi wezokukhangisa kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung usephinde wacula iculo elilodwa ephendula umbuzo ngokusungula iqembu labesifazane njengoba bezodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.

Ngokwemithetho yeCAF eyethulwe kumasizini amathathu edlule kodwa engalandelwa, amaqembu adlala kwimiqhudelwano yayo kufanele abe namaqembu abesifazane.

Sithi ayilandelwa le mithetho ngoba sizibonele i-Orlando Pirates neStellenbosch FC bedlala kwimiqhudelwano yeCAF ngesizini edlule kodwa abanawo amaqembu abesifazane eNingizimu Afrika. Empeleni, sibalo isibalo samaqembu ePSL atshale imali kumaqembu abesifazane. Kuwo singabala iMamelodi Sundowns, TS Galaxy, ne-University of Pretoria. Amanye awayingeni.

Ebuzwa ngalolu daba uJessica Motaung uphinde wagcizelela ukuthi bayafuna futhi basazenhlelweni zokwethula iqembu labesifazane, okuyinto cishe osekudlule iminyaka emihlanu eyicula.

“Kubalulekile ukuthi sibe nalo, ngoba amaqembu abesifazane anqoba izinto zangempela manje, akusenziwa ubudlelwano ngegama noma ukugcina icala. Okubalulekile kodwa wukuthi kufanele sibe neligi yebhola elikhokhelayo (proffessional).

“Lokhu kuzosiza ukuze namanye amaqembu afake amaqembu ebhola kuleyo ligi. Kusamele siwabuyekeze amaligi akhona njengamanje ngoba athwele kanzima ngasezimali; okuyinto esiyibona yenzeka kwiSasol League nakwiHollywoodbets Super League.”

Inkulumo kaJessica ibeka ngokusobala ukuthi beyiChiefs abaneme ngezinga leSasol League neHollywoodbets Super League okubenza babe manqika ukufaka amaqembu abesifazane kulawa maligi.

Kuzokhumbuleka ukuthi iPSL iphethwe abanikazi bamaqembu adlala kwiPSL, iligi yabesifazane ngakolunye uhlangothi isezandleni zeSAFA, esisola ukuthi yisona sizathu esiphambili esenza amaqembu ePSL engazihluphi ngokusungula amaqembu abesifazane.