Umgadli weBanyana Banyana okhombisa ukuvuthwa kwi-Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON), uJermaine Seoposenwe, uthi akanendaba nokuba wumshayi magoli ohamba phambili kulo mqhudelwano. USeoposenwe uveze lokhu bekhuluma esithangamini nabezindaba ngeSonto ngaphambi komdlalo wabo we-semifinal nomakhelwane iZambia onamhlanje ngo-6 kusihlwa.
Lo mgadli ube yiqhawe leNingizimu Afrika emdlalweni odlule ngesikhathi evalela igoli elibadlulisele kuma semi-final labafaka nakwiFIFA Women’s World Cup yangonyaka ozayo. USeoposenwe usenamagoli amabili kwiWAFCON, usele ngelilodwa kumshayi magoli ophambili kulo mqhundelwano, kodwa uthi akakunakile lokho.
“Njengomgadli kuwumsebenzi wami ukusiza iqembu ngamagoli kodowa umsebenzi osihlalele ukubeka iBanyana kowamanqamu. Akusho lutho ukuthi ubani ovalela igoli. Asizami ukuzithuthukisa thina kodwa sizama ukuthuthukisa iqembu, size nephupho lokunqoba njengeqembu. Sithemba ukuthi wonke umuntu uzokwazi ukulekelela kumagoli, kodwa uma kukhona engilitholayo nami kulungile lokho vele umsebenzi wami,” usho kanje.
Lo mgadli ukuvumile ukuthi abadlalanga ngendlela abathanda ukudlala ngayo ngesikhathi bebhekene neTunisia emdlalweni odlule.
“Sadlala kahle usaqala umdlalo kodwa ngemuva kwegoli sathi ukuthambisa kancane, sangandlala ngendlela esasihlele ukudlala ngayo. Kodwa uma ubuka ukuthi besibhekene nokulimala kukaThembi Kgatlana kanye nokuhlalselwa yiCovid-19 ekhempini, sasingaphansi kwenkulu ingcindezi ikakhulukazi emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kodwa sakukhombisa ukuqina kokhakhayi,” kusho uSeoposenwe.
INingizimu Afrika ayikaze iyinqobe iWAFCON selokhe yasungulwa. Isidlale kowamanqamu amahlandla amahlanu kodwa ihlale ikhala ngaphansi, kulokhu iBanyana izama ukuwuguqula lo mlando.