Owayengukapteni we-Orlando Pirates uHappy Jele uthi iSoweto Derby iyithuba elihle lokuthi iBucs iveze ukuthi isazimisele kangakanani nokuqhubeka nokulwela isicoco seligi.

Abaningi sebeqala ukungabaza ukuthi iBucs isengayiphazamisa iMamelodi Sundowns kwisicoco seBetway Premiership ngemuva kwenduku eyithole kwiSekhukhune United ngoLwesithathu. ISundowns ngakolunye uhlangothi igqishe iRichards Bay FC NGO 3-0.

IPirates, enemidlalo emibili esandleni, isele ngamaphuzu awu-12 kwiSundowns.

“Sibhekene nomdlalo obalulekile. Empeleni nje yonke imidlalo esele ibalulekile kakhulu kwi-Orlando Pirates,” kusho uJele engxoxweni ne-iDiski Times.

“Umdlalo wakusasa ubalulekile ngoba uzokhombisa ukuthi bazimisele kangakanani ukulwela isicoco seligi nokuvikela iNedbank Cup njengoba besazobhekana kowamanqamu. Kunzima ukubhekana beqembu elilodwa kulandelana.

“Abadlali kuzomele baqine ukhakhayi ngenye indlela.”

IPirates neChiefs bazobhekana eFNB Stadium kusasa ngo-3 ntambama. NgoMgqibelo ozayo bazophinde batholane phezulu kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida stadium ngo 15:30 ntambama. Amathikithi azoqala ukudayisa ngoMsombuluko ngo 10:00 ekuseni eShoprite naseCheckers.

ISundowns izobhekana neCape Town City ngo-9 ebusuku.