Obengumdlali we-Orlando Pirates, uHappy Jele, usevalelisile kweZimnyama kulandela isimemezo seBucs izolo iqinisekisa ukuthi uyashiya kuleli qembu.
Lezi zindaba zithuse abalandeli abaningi kwazise uJele ubengomunye wabadlali abagqamile emuva kwiPirates ngesizini edlule ebeka ebhentshini abadlali abancane ngokweminyaka kunaye nakuba esena-35.
UJele ubonge ithuba alinikezwa wuSihlalo we-Orlando Pirates u-Orvin Khoza, wathi kumenza azishaye isifuba ukuthi usedlalele leli qembu iminyaka ewu-16.
“Ngiyabonga kubasebenzi beBucs, abaqeqeshi, abaphathi beqembu kanye nabalandeli, ngiyethemba anginiphoxanga,” kusho uJele esitatimendeni.
“Ngesikhathi uSihlalo engibizela ehhovisi lakhe efuna ukunginikeza isikhundla esingathinti ukudlala ngathobeka kodwa ngathuka ngoba bengingakakulungeli ukuyeka ukudlalela iPirates. Kuyiqiniso ukuthi sikhona isikhundla abacele ngingene kuso kodwa nganqaba ngabazisa ukuthi ngisanesifiso sokudlala isizini eyodwa noma amabili ngaphambi kokuthi ngiyeke ibhola.
“Ngizosicabanga isikhundla abefisa ukunginika sona uKhoza. Akekho owazi ikusasa kodwa ngiyethemba ngizobuya kwiBucs ngelinye ilanga.”
UJele uyifisele okuhle kodwa iPirates ngaphambi kwesizini ka-2022/2023 yeDStv Premiership.
Lo mdlali kungenzeka avumbuke kwiRoyal AM okuthiwa izimisele ngokumsayinisa.