Owayengukaputeni we-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi uphoxekile ngo Happy Jele ongazange ambuze ngesipiliyoni sokudlala emdlalweni wamanqamu.
ULekgwathi ubengukaputeni kwiBucs ngesikhathi iwola izindebe eziyisithupha phakathi konyaka ka-2011 no-2012. UPhinda Mzala uthi wayekwazi ukumelana nengcindezi yokuhola iPirates.
UJele wayedlala naye uLekgwathi ngalezo zikhathi. Uyena osengukaputeni futhi ubambe nerekhodi lemidlalo eminingi kwiBucs njengoba esanda kudlula ku-400.
Ekhuluma nephephandaba iSowetan, uLekgwathi uthi umkhumbi wePirates uyacwila ngaphansi kobuholi bukaJele.
“Kubalulekile ukuthi ufunde kwabanye abantu uma ungumuntu. Ungabo namahloni okubuza. Ngangijwayele ukuthola iziyalo ku-Edward Motale ngisadlala ngezikhathi zami. UHappy akufanele asabe ukubuza, kufanele angishayele ucingo uma kwenzeka izinto.
Kunabadlali Abahole iPirates yanqoba izindebe, bafonele bazokusiza. Bacele bakucebise ngokudlala kwakho. UMotale ngambuza ngeChampions League. Wangitshela ukuthi ukaputeni uyena umqeqeshi enkundleni,” kubeka uLekgwathi.
ULekgwathi ukhale ngoJele onamahloni enkundleni, wathi yileso isizathu esidala ukuthi kushode ubuholi emidlalweni emikhulu.
“UHappy unamahloni, akakhulumi noma kumoshakala enkundleni. Akakhulumi noma kunomdlali ongazimiseli emdlalweni. Kufanele ukhulume nabadlali enkundleni. Uzoba ukaputeni omuhle uma engayeka ukuba bmnamahloni,” kubeka uLekgwathi.
Inkontileka kaJele iyaphela ngoJuni. Kulindeleke ukuthi ziqale maduzane izingxoxo mayelana nokwelulwa kwenkontileka yakhe.