Ukaputeni weBanyana Banyana uRefiloe Jane uthi akajahile ukuthola iqembu elisha njengoba engasekho kwi-AC Milan yase-Italy.
UJane (29) waqoka ukushiya kwiMilan ekupheleni kwesizini ka-2021/22 ngenxa yokungavumelani ngenkontileka entsha.
Lomdlali uthi uzimisele ngokujabula nozakwabo njengoba bengoshampeni be-Women’s African Cup of Nations (WAFCON) a bayinqobe eMorocco ngesonto eledlule.
“Okwamanje angicabangi ngeqembu engizosayina kulo. Bengigxilise umqondo kwiWAFCON, ngifuna ukujabula kulamasonto amabili alandelayo. Ngihlela ukujabula kakhulu, ngingajahi izinto. Ngizobheka izinto eziningi ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa lami,” kubeka uJane ecashunwa abeSowetan.
UJane umataniswa nezimbangi zeMilan iFiorentina neSassuolo.
UJane ufike kwiMilan ngo-2019 esuka kwiCanberra United yase-Australia. Ushaye amagoli amane emidlalweni engaphezulu kuka-50, edlala enkabeni yesisu.
UJane uqale wadlala phambili ngesikhathi kusaqala umqhudelwano. Ushintshwe wabuyiswa enkabeni yesisu sekuyisigaba samaquarterfinals.
“Umqeqeshi (Desiree Ellis) uhlezi engibuza ngendawo engithanda ukuyidlala, ngihlezi ngimtshela ukuthi ngikhonze ukuyibamba enkabeni yesisu.
Banginikeze ijoka lokuvimba ubungozi phambi kodonga lwasemuva. Ngijwayele ukudlala lapho ngoba nase-Italy bengidlala lapho,” kubeka uJane.