Umdlali omusha weChippa United u-Andile Jali uthembisa abalandeli ukuthi bazobona umehluko omkhulu eqenjini kulesizini njengoba bezokhuculula izindlela zakudala.

UJali (34) ujoyine iChilli Boys ngenyanga edlule, wasayina inkontileka yonyaka owodwa enombandela wokwelulwa ngomunye unyaka. 

Ubesehlale izinyanga eziyisithupha ehleli ekhaya kulandela isinqumo sokulaxaza iMoroka Swallows eyayicwile obishini kwezezimali. 

UJali uthembise ukubafaka endleleni eqondile abadlali abasebancane abasayiniswe yiqembu.

“Abadlali abasayiniswe yiqembu bayinkomba yokuthi abaqeqeshi uKopo (Kwanele) noThabo (September) banesipiliyoni sokusebenza nabadlali basenkulisa. 

“Abadlali abasebancane bazozuza okuningi ngoba bazoncela ulwazi kubaqeqeshi abadala kulomkhakha wokucija abadlali abasafufusa. 

“Mina ngifika nesipiliyoni eqenjini, ngizodlulisela ulwazi enginalo kubadlali. Abalandeli kufanele balindele iChippa United entsha. Itshe lizogaya ngomunye umhlathi manje, nabalandeli bazozibonela lokho. Kuzobonakala ngendlela esizodlala ngayo ukuthi izinto zishintshile. Akuseyona leChippa ebidume ngokwenza izinto ezingezinhle,” kubeka uJali ecashunwa abeSuperSport TV.