Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uncome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo beguqisa iKaizer Chiefs ngo 1-0 koweBetway Premiership kodwa uthi akazi unozinti wakhe uqokwe kanjani ukuba wumdlali ovelele evimbe ibhola elilodwa.
UThakasani Mbanjwa uqokwe njenge-man of the match kulo mdlalo kodwa uHunt uthi simxakile lesi sinqumo ngoba ubengekho matasa emapalini.
“Abadlalanga phakathi nesonto, uyabona bese siqala ukukhatha esiwombeni sesibili. Ngizama ukwenza konke ngalesi sikwati, badlale kahle namhlanje, angazi unozinti uyithole kanjani iman of the match namhlanje ngoba uvimbe ibhola elilodwa,” kusho uHunt ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“UNdlovu ubemangalisa namhlanje, nasemidlalweni emibili edlule. Wonke umdlali nje ukhombisa ukuzinikela. Nangesonto eledlule sidlale kahle…ngincoma abadlali ngendlela abadlale ngayo. Akekho umuntu obhekana neChiefs kabili kanye nePirates esontweni elilodwa.”
UHunt uthe ushintshe izinto kumaqhinga akhe izolo ethi uyalele abadlali bakhe ukuthi abayekele iChiefs ize kubona ngoba emdlalweni wabo wokugcina yibona ababeyihlasela bagcina belimele ibashaya ngo 4-0.
Thakasani Mbanjwa 🧤⛔@Betway_za | #BetwayPrem pic.twitter.com/cMRhoWKBnf
— SuperSport Football ⚽️ (@SSFootball) October 26, 2024
NgoLwesithathu Amatsatsantsa azobhekana neGolden Arrows ngoLwesithathu eMpumalanga Stadium.