Obengumqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi ngokubona kwakhe uTeboho Mokoena ubashaya amakhanda bonke abanye abadlali abagijima kwiPSL.

UHunt uveze lo mbono ohlelweni iSS Unplugged lapho abuzwe khona ngokuthi ubani umdlali ambona ebadlula bonke abanye kuleli. Lo mqeqeshi uqhathanise uMokwena nomdlali waseBrazil uLucas Ribeiro abaningi abathi imfanele iPlayer of the Season.

“Uma uthatha uRibeiro umfake kwiMagesi, ngokubona kwami engathwala kanzima. Kodwa kule sizini vele uyena okumele abe wumdlali ovelele,” kusho uHunt.

“Uhamba phambili ngamagoli…kodwa uma ungamfaka eqenjini elidinga ukuthi athi ukuzikhandla kanzinyanya, angazi noma engakwazi ukumelana nakho.

“Ngokwami umdlali obashaya amakhanda eNingizimu Afrika wuTeboho Mokoena.”

UHunt usathungatha umsebenzi ngemuva kokuxoshwa yiSuperSport United ayishiye ilengela ezembeni.