Umqeqeshi weSupersport United, uGavin Hunt, uneme ngokubuya kwabagadli bakhe oThamsanqa Gabuza noGamphani Lungu ngaphambi komdlalo wezakhe naMaZulu FC namuhla.

Amatsatsantsa a Pitoru aseThekwini namhlanje alungiselela umdlalo noSuthu ozoqala ngo-5 ntambama eMoses Mabhida Stadium. UHunt ngempelasonto uphoxekile iqembu lakhe lidlala ngokulingana neChippa United emdlalweni ogcine uphele ngo 1-1. Kulo mdlalo ezakhez zishaye amashodi awu-21 kodwa mane kuphela abebheke epalini.

“Ukubuya kukaGabuza noLungu kuzosikhuphula kancane ngoba banamava futhi bayayazi nenethi.

“Bengithi sizokwazi ukunqoba ngaphandle kwabo ngesikhathi sibhekene neChippa kodwa asikwazanga. Abagadli abebengekho bebehamba phambili ngamagoli kuleli qembu ngesizini edlule. UBradley Grobler sekuphele izinyanga eziwu-9 engadlali, bekumele awuqede umdlalo kodwa bengingafuni ukuphoqa,” kusho uHunt.

ISuperSport izobhekana naMaZulu namhlanje ngo-5 ntambama.