Umdlali we-Orlando Pirates neNamibia uDeon Hotto useveze ukuthi kuzomele abheke inombolo entsha ngesizini ka-2025/2026 ngenxa yesithembiso asenza kuMohau Nkota.
Ekhuluma esiqeshini sakamuva se-Up The Bucs, uHotto uveze ukuthi wenza isithembiso sokuthi uzonikeza uNkota unombolo 7 mhla etholwa inkontileka yokudlalela first team yeZimnyama.
“Ama-2000 akhuphuke ngenxa yendlela abedlala ngayo kwiqembu leDDC. Ngiyakhumbula ngesikhathi ngiqala ukubona uNkota eziqeqesha neqembu elikhulu Ngoba bebebuye bakhushulelwe kwifirst team, ngamtshela ukuthi uwumdlali omuhle kakhulu.
“Ngenza isithembiso kuye ukuthi mhla ekhushulelwa kwifirst team ngizomnikeza unombolo 7. Ngakho ke, ngemuva kwale sizini ngizomnikezangoba ngenza isithembiso.
“Ngizokwenza icebo ngokuthi ngizosebenzisa yiphi inombolo. Okwakho nje ukuthi aqhubeke asebenze ngokuzikhandla njengoba ehlala enza.”
UHotto uqhube wancoma noRelebohole Mofokeng ngendlela adlala ngayo selokhu efikile kwiBucs, uthi wenza umsebenzi wake ube lula.
“URele ngiyathanda ukudlala naye ngoba wenza umsebenzi wami ube lula kakhulu. Ukwazi ukufunda umdlalo enze izinto abanye abasuka bengakaziboni.
“Wenza izinto zibe lula ngoba ngisho edlala ngaphakathi siyakwazi ukushintshana ngibuye ngingene ngaphakathi, agudle ophondweni.”