Umdlali we-Orlando Pirates uDeon Hotto usethembise ukwenza konke okusemandleni ukuze banqobe iCAF Confederations Cup ngoLwesihlanu.
IBucs izotholana neRS Berkane kowamanqamu ozobanjelwa eGodswill Akpabio International Stadium eNigeria ngehora lesishiyagalolunye ebusuku (21:00).
UHotto, osekhande amagoli amahlanu kulomqhudelwano, ufuna ukunqoba lendebe ngenkani ukuze ezofakazela isitatimende asikhipha ejoyina iBucs esuka kwiBidvest Wits ngo-2020. UHotto uthi wajoyina iBucs ngoba efuna ukuwina izindebe.
“Ngangihlele ukunqoba izindebe neqembu ngesikhathi ngivuma ukujoyina. Isizini yami yesibili le. Sinqobe iMTN 8 ngesizini edlule. Izinto ziyabheda kulesizini, iligi isihambile, iNedbank Cup neMTN 8 sekusiphuthile.
Sekusele yona iConfederations Cup, sizokwenza okusemandleni ukuthi siyinqobe. Ngiyathembisa ukuthi ngizozikhandla kakhulu,” kubeka uHotto ekhuluma nabezindaba e-Orlando Stadium izolo.
IBucs izoya kulomdlalo nesikwati esiphelele njengoba sekubuye noVincent Pule obelimele isikhathi eside.
“Sahlulwa emdlalweni owedlule, sabhacaza ngempela. Kwakukhona abalandeli belindele ukuthi sidlulele kowamanqamu ngendlela ejabulisayo kodwa sahluleka ukwenza lokho. Angeke sisabuka emuva manje.
Umsebenzi uzokwenziwa ngoLwesihlanu. Sifuna ukujabulisa abalandeli bethu ngoLwesihlanu ngokuthi sinqobe Confederations Cup.
Ayikho ingcindezi ekhona. Okwami ukuthi ngiphasele ozakwethu amabhola ukuze bezoshaya amagoli, awukho umehluko ozoba khona ngoLwesihlanu,” kubeka uHotto.