Umdlali we-Orlando Pirates uDeon Hotto uthi usazimisele ngokubuyisana noThembinkosi Lorch owahamba kuleliqembu beyinkukhu nempaka. 

Ukungaboni ngasolinye phakathi kwaHotto noLorch kwaba ngundabuzekwayo kwi-documentary yeqembu iThe Changeroom, kwagqama nokuthi ukungazwani kwabo kwakudalwa umona owawungaphakathi kubadlali besola ukuthi uHotto uyazitamuzela isikimu. 

UHotto uthi usafuna ukugezelana noLorch owagcina esayine kwiMamelodi Sundowns ngoJanuary kulonyaka.

“Anginabo ubudlelwano noLorch, akusenani ngoba akasekho. Kwakufanele silungise ukungezwani ngesikhathi esakhona. Ngaphazanyiswa ukuyodlala neqembu lesizwe kwi-AFCON, ngabuya eqenjini esehambile. Besingakaze sihlangane noma sixoxe ngoba ngingakujabulela ukulungisa izinto phakathi kwethu,” kuchaza uHotto ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa ijezi lePirates langesizini ka-2024/25.

UHotto uphinde wavikela iqembu ngokusakaza idocumentary iThe ChangeRoom.

“Kuyenzeka kuhlukane imibono, kuxatshanwe emagumbini okushintshela noma ejimini. Akukwayelekile ukuthi abantu abangaphandle bazazi lezondaba. Ukubona leziqephu kubavula amehlo ngokwenzeka emaqenjini, bayabona ukuthi kunezingxabano njengoba kwenzeka kweminye imisebenzi.

“Angiboni kuyinto embi ukuveza okwenzeka ngaphakathi eqenjini. Zikhona izingxabano noma ungukaputeni weqembu uzithola usenkingeni. Kuyenzeka kuphakame imimoya ejimini

“Kuyenzeka ufikelwe ukuzisola uma usubuyekeza okwenzeke ejimini. Lezinto zenzeka uma sekuphakame imimoya ngoba asifuni ukuhlulwa, yilokho esisuke sikubanga. Kungenzeka ucasulwe ukuthi uXoki ulikhahlelele kude ibhola ekubeni ubulindele ukuphaselwa. Kuyenzeka ukhulume kabi, kulandele ingxabano,” kuchaza uHotto.