Isihlabani se-Orlando Pirates uDeon Hotto uthi sebeqalile ukubona umsebenzi omuhle ofike nomqeqeshi omusha uJose Riveiro.

Ekhuluma emcimbini wokwethula ijezi elisha eSandton ngoLwesine, uHotto uthi bazonyusa izinga ngesizini ka-2022/23.

“Siyazi izinto azihambanga kahle ngesizini ephelile, ikakhulukazi ukuhlulwa kowamanqamu kwiCAF Confederation Cup.

Sifuna ukulungisa amaphutha esiwenze ngesizini edlule. Sinomqeqeshi omusha uJose Riveiro, engimbona efike ngomfutho nogqozi eqenjini. Bonke abadlali bazimisele, siyakwazi ukubaluleka kokunqoba izindebe ngesizini ezayo.

Umqeqeshi muhke kakhulu, usezihlelile izinto zakhe. Usesitshelile ngezinhloso zakhe. Sizojwayela ibhola alifunayo, ungumqeqeshi obeke umoya phansi, ufuna abadlali bazimisele,” kubeka uHotto.

UHotto uthi abadlali abasha sebesheshe bajwayela eqenjini, bakhombisa izinhloso zokufuna ukunqoba.

Abadlali bayasayiniswa, abanye badedelwe, ibhola linjalo. Silahlekelwe abadlali abaningi kodwa sesidlulile lapho. Lokhu kuyenzeka ebholeni.

Sesibheke isizini entsha nabadlali abasha. Ngiyajabula ngoba sebesheshe bajwayela eqenjini futhi bafuna ukunqoba izindebe neqembu, yilokho okubalulekile.

Kufanele sizimisele, silwele zonke izindebe ezikhona. Bonke abadlali bakhombisa ukuba sefomini njengoba sisekhempini, sifuna ukuqala isizini ngegiya eliphezulu,” kubeka uHotto.