Owayengunompempe kwiPSL, uVictor Hlungwani, usola izitobha zePSL ngokuba nembazo ekhethekile eziyibekele umdlali we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng.
UMofokeng kusale kancane alimale emdlalweni wePirates odlule ngesikhathi bebhekene naMaZulu. Ekhuluma kwiSABC Sport uHlungwani uthi umdlali woSuthu, uBoniface Haba, kwakufanele akhishwe ngekhadi elibomvu ngenxa yembazo ayikhalisa kuMofokeng. Uthi unompempe kufanele baqinisekise ukuthi abadlali abanemijiko bayavikelwa.
“Lo mdlali (esho uBoniface Haba) kwakufanele akhishwe ngekhadi elibomvu ngokulimaza umdlali kanzima,” kusho uHlungani.
“Bamcekela phansi lo mdlali ngoba uwumdlali onekhono, uyabona ukuthi bayambheka. Onompempe banenselelo yokuvikela bonke abadlali enkundleni.”
Abalandeli beBucs sekukaningi bekhala ngembazo abasola ukuthi iphethwe yizitobha zePSL uma zibhekene noMofokeng.
Khonamanjalo, uHlungwani uphinde waveza ukuthi iKaizer Chiefs kwakufanele inikezwe ipenalty ngesikhathi kulinyazwa u-Edson Castillo emdlalweni wayo neSuperSport United ngempelasonto.
Ukushaya eceleni konompempe kusaqhubeka nokwehlisa izinga lePremiership abaningi abakholwa wukuthi isigcwele kakhulu amaphutha onompempe aba nomthelela kwimiphumela yemidlalo. Umqeqeshi opheka iCape Town Spurs egijima kwiMotsepe Foundation Championship, u-Ernst Middendorp, usecele ukuthi iPSL neSAFA baqale uphenyo ngonompempe bakuleli.
Ngakolunye uhlangothi kusalindwe ubuchwepheshe beVideo Assistant Referee (VAR), osekukhulunywa eyokuthi bungase bubolekwe kwiCOSAFA njengendlela yokumelana nezindleko.
Abalandeli bazobe bebheke izinqumo eziqondile emdlalweni weBucs neTS Galaxy namhlanje eMbombela Stadium. Umdlalo uzoqala ngo-19.30.