Kulindeleke ukuthi yenze izinguquko ezinqala iManchester United ngemuva kokushaya udaka kwiPremier League kule sizini. Sekuvele uhlu lwabadlali abasondele ku-10 abazodayiswa yiRed Devils njengoba lizovulwa ekuqaleni kwenyanga ezayo iwindi lokudayisa abadlali.
Zimapeketwane izinto e-Old Trafford ngemuva kokushaywa kwe-United kowamanqamu we-Europa League ngoLwesithathu, iginqwa yiTottenham Hotspur nayo ezidonsela ngodizili kwiligi. Womabili lawa maqembu abesebeke onke amathemba ekunqobeni i-Europa League, okuza nomhlomule wemali ngokunjalo nokuzibekisela indawo kwi-UEFA Champions League.
Ukungadlali kwiChampions League ngesizini ezayo kuyibeka endaweni embi i-United ngoba izophuthelwa yimali ebalelwa ngaphezulu kuka-€100 million ebizoyenza ukuba ingenile.
Ngemuva kokudliwa kwifinal, ivalue yamasheya e-United ishone phansi kwi-stock market, nakho okuzoyilimaza ezimalini.
Njengoba ibhekene nalesi simo, iyaphoqeleka ukuthi idayise abadlali ngoba vele iningi labo belushaya udaka kule sizini futhi bayahluleka ukubamba indlela yokudlala yomqeqeshi uRuben Amorim.
Ngokombiko weThe Mirror, yase-UK, iMan United izodayisa abadlali okubalwa kubo uCasemiro, Luke Shaw, Harry Maguire, Andre Onana, Alejandro Garnacho, Rasmus Hojlund, Kobbie Mainoo noBruno Fernandes.
Ngemuva komdlalo neTottenham ngoLwesithathu ukapteni weqembu uBruno ubesevele ephumele obala ngokuthi uzokwamukela uma iqembu limdayisa noma kusayisifiso sakhe ukuqhubeka kwiMan United. UGarnacho kwacaca ukuthi ishiphelene phakathi kwakhe no-Amorim ebekwa ebhentshini nakuba engomunye wabadlali abasize i-United ukuthi ifike kowamanqamu.