Hey Ligcine ligqashukile igoda phakathi kwe-Orlando Pirates nomdlali owayengukaputeni weBafana Bafana uThulani ‘Tyson’ Hlatshwayo.
IPirates noHlatshwayo bafinyelele kwisivumelwano sokudedela lomdlali obekhuhla ibhentshi kulesizini esanda kugoqwa.
UHlatshwayo (32) ufike kwiPirates ngoSepthemba 2022 esuka kwiBidvest Wits eyayidayiswa. UTyson ufike negama elikhulu kwiBucs njengoba wayengukaputeni weBafana, ephinde ebalwe kwizitobha ezihamba phambili kuDSTV Premiership.
Isikhathi sakhe kwiPirates asibanga sihle neze njengoba ebegxekwa ndawozonke ngokuboza, abanye bemchapha ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana. Ugcine esekhuhla ibhentshi kwiBucs yize enikezwe ibhande likakaputeni esafika.
“Iphupho lami lokugqoka ijezi le-Orlando Pirates lifezekile. Ngafika kwiBucs ngilangazelela indebe, ngagcina ngiyitholile indebe.
Izinto azihambanga kahle ngesizini yesibili, yingakho ngithathe isinqumo sokucela iqembu ukuthi lingikhulule ngoba ngisengakwazi ukudlala enkundleni. Ngikhulume nabaphathi beqembu ngesinqumo sami,” kubeka uHlatshwayo.
UHlatshwayo udlale imidlalo engu-13 kuphela ngesizini ka-2020/21 iPirates ishweba zonke izicoco.