USifiso Hlanti usengcupheni yokuchithwa iKaizer Chiefs njengoba ibumba kabusha isikwati ezohlasela ngaso kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.
IGibela Sport isizitholele ngomthombo wayo ukuthi ikusasa likaHlanti alicacile kwazise neChiefs imatasa nokuchitha abadlali abangasadingeki kulelisonto.
Ngesonto eledlule, iChiefs idedele uLeonardo Castro, Samir Nurkovic, Lazarous Kambole, Lebogang Manyama, Daniel Cardoso, Bernard Parker, Dumisani Zuma, Kearyn Baccus noDaniel Akpeyi. U-Akumu Agay ubeke ohlwini lwabadlali abadayiswayo.
UHlanti ulimale isihluzu esihlanganisa umsipha neqakala ngoNovemba. Wayesadlale imidlalo engu-8 kuphela kwiGlamour Boys.
Kuvela ukuthi uHlanti naye usebekwe endalini ngoba engafuni ukwamukela isinxephezelo sokumkhulula esibekwe iqembu etafuleni.
UHlanti usanenkontileka kwiChiefs, okumnikeza amandla okugoloza uma sekubanjwe izingxoxo.
IChiefs iziqalile izingxoxo nemenenja kaHlanti kodwa abafikanga kwisivumelwano.
Imenenja kaHlanti icele ukuthi iChiefs ikhokhe yonke imali ebizotholwa umdlali kwinkontileka yakhe. Amakhosi abeke umholo wezinyanga ezintathu nengxenye yebhonasi yonyaka wesibili.
IChiefs isiqalile ukubheka abadlali basemuva ophondweni lwesokunxele njengoba kungacaci ngoHlanti noSibusiso Mabiliso obesizwa ngendaba isikimu ngesizini ephelile. Abaqeqeshi beChiefs baqoke ukusebenzisa uReeve Frosler okhahlela ngonyawo lwesokudla endaweni yes okumele ebidinga uMabiliso.