Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi amaphaphu phansi kubalandeli nabahlaziyi abakhalaza ngomgadli u-Erling Haaland ogeje amagoli ambalwa emdlalweni weFA Community Shield beshaywa iLiverpool ngo 3-1.
UPep uthi lomgadli, owabiza u-€60 million ethengwa kwiBorussia Dortmund, usazolikhombisa izinga lakhe eqenjini.
UHaaland uthinte ibhola izikhathi ezingu-14 kuphela emdlalweni wonke. Uphinde wageja noqekelele wethuba esikhathini esengezwe unompempe.
Ngeshwa, umgadli omusha weLiverpool uDarwin Nunez ugqame ukudlula uHaaland yize engene esiwombeni sesibili. UNunez ushaye igoli elilodwa, wakhanda elinye emizuzwini engu-31 ayitholile eKing Power Stadium.
“UHaaland uwatholile amathuba, uthole amathathu esiwombeni sokuqala. Uzikhandlile ezama ukukhanda isikhala. Kuzomkhulisa ukudlala kwiligi entsha nasezweni angalijwayele.
Akalishayanga igoli kodwa liyeza ngolunye usuku. Unethalente eliyisimanga lokushaya igoli. Uzowashaya amagoli, uyakwazi ukuzikhandela izikhala. Uzosiza kakhulu, uwatholile amathuba. Akukho okushintshile,” kubeka uPep ekhuluma nabeBT Sport sekuphele umdlalo.
Ithuba eligejwe uHaaland ngasekugcineni limhlekise ngabalandeli beLiverpool, abanye bazitika ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
UGuardiola uthi lomgadli angeke aphazanyiswe ukugeja okwenzeka kulomdlalo.
“Uqinile uHaaland. Uzolishaya igoli komunye umdlalo, inkinga ikuphi? Ibhola linjalo. UHaaland unethalente, amagoli uzowaqhulula.
Kuhle ukuqonda izinto, angikhathazekile ngoHaaland. Isizini izothatha izinyanga ezingu-11, kuzoshuba kakhulu. Imidlalo izosondelana kodwa yena uzosiza kakhulu,” kubeka lomqeqeshi.