Umdlali weManchester City uJack Grealish uthi asemancane amathuba okuthi iLiverpool ilahle amaphuzu, okuyisona isizathu okufanele sigqugquzele iCity ukuthi ivikele isicoco sePremier League.
ICity izibambele kwegulayo ngeSonto inenebula iNewcastle United ngo 5-0 ekhaya. Ngosuku olwedlule, iLiverpool yabhacaza ibambana neTottenham Hotspurs ngo 1-1 e-Anfield Stadium.
ICity isiqede imidlalo engu-9 ingashaywa kwiPremier League, yanqoba eyisikhombisa, yadlala ngokulingana kwemibili. Isivule igebe lamaphuzu amathathu esicongweni.
Izovakashela eMolineux Stadium namuhla iyobhekana neWolverhampton Wanderers.
UGrealish uthi kufanele bacabange ukunqoba imidlalo esele ukuze bezovikela isicoco ngoba iLiverpool angeke isawenza amaphutha kwiligi.
“ILiverpool iyiqembu elikhulu, angiboni ukuthi bazolahla amaphuzu. Kufanele siqaphele emdlalweni, sibuye namaphuzu agcwele. IPremier Soccer isezingeni eliphezulu umhlaba wonke. Kuningi okungenzeka kulemidlalo esele, kumele singawulahli umgqigqo.
Sekuyaphoqa ukuqinisa manje, lemidlalo emithathu izoba nzima kakhulu, siwadinga egcwle amaphuzu,” kusho uGrealish.
Umdlalo weWolves uzohlangabezana nerekhodi leCity engakahlulwa emidlalweni yePremier League engu-16 esekuhambeni.
UGrealish ofike kwiCity ekhishelwe isamba semali engu-100 million wopondo baseBritain ngonyaka odlule, unamagoli amahlanu waba ngumvusi wenyamazane amahlandla amane kuphela emidlalweni engu-37 kulesizini. Usekhande amathuba angu-73, udlulwa uKevin de Druyne kuphela okhande amathuba angu-119.
Uthi wathatha isinqumo esikhaliphile ngokujoyina iCity, uthemba nokuthi uzoqukula isicoco esisodwa ekupheleni kwesizini.
“Ngijabule kwiCity. Ngasayinela khona ukuzodlala emidlalweni emikhulu, ngifuna lokho. Ngifuna ukunqoba izindebe. Ngibonga kubadlali, ithimba labaqeqeshi nomqeqeshi ngokungamukela. Ngiyathemba sizowina indebe uma kuphela isizini,” kusho lomdlali.