Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro akuwuvali umlomo ngomdlali wakhe omusha uDelvi Miguel Vieira (Gilberto), uthi uzoba ngomunye wabadlali ababululekile kule sizini.
UGilberto, osuka kompetha base-Angola iPetro de Luanda, uqale ngonyawo oluhle kwiBucs evalela igoli elihle ngesikhathi bebambana ngo 1-1 neqembu laseSpain iGranada emdlalweni wobungani.
Ekhuluma ngalo mdlali ngaphambi komdlalo wabo weMTN8 ongempelasonto uRiveiro uthe ungene khaxa kwezakhe.
“UGilberto uzinze kahle eqenjini. Uwumdlali okhululekile futhi uphakathi kwabantu abazikhululekele,” kusho yena ngalo mdlali ovalele amagoli awu-6 ngesizini edlule.
“Sinenqwaba yabadlali abenza okufanayo noGilberto. Okokuqala esifuna ukukwenza ukumenza azizwe ekhululekile ukudlala ngendlela yakhe enkundleni, ukuze ezosikhombisa izinga lakhe.
“Uwumuntu onomoya ophansi, kodwa uzifake kozakwabo osukwini lokuqala efikile.
“Asinazo izikhalo ngendlela aziphathe ngayo emasontweni amathathu edlule, ngakho ngicabanga ukuthi uzoba ngomunye wabadlali bethu ababalulekile kule sizini.”
IPirates izovula isizini ngomdlalo weMTN8 neSuperSport United ngomdlalo neSuperSport United e-Orlando Stadium ngo-18:00.