Umqeqeshi weCape Town All Stars u-Allan Freese uthi umdlalo wamaPlay-offs nePretoria University ubaluleke kakhulu, sebenesikhathi eside baqala ukuwulungiselela.

Lamaqembu azotholana emdlalweni wokuqala wamaPlay-offs ngeSonto e-Athlone Stadium.

I-All Stars yaqinisekisa indawo yayo kuqala ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kwiGladAfrica Championship. AmaTuks ahluleka embangweni wokunqoba isicoco seligi, ehlela endaweni yesibili ngosuku lokugcina. Bazojoyinwa iSwallows eqede kunombolo 15 kwiligi.

Igugu leKapa lizofika linokuzethemba kulomdlalo namaTUKS. I-All Stars yathatha amaphuzu amane ibhekene nePretoria University kulesizini. Yanqoba ngo 3-2 kumzuliswano wokuqala, umdlalo wesibili waphela zibambene ngo 1-1.

UFrees uthi banesikhathi eside bezilolongela lomdlalo.

“Ngesikhathi siqeda ukudlala, siphoqelekile ukuthi sisale ngemuva. Besilungiselela lomdlalo obalulekile ngoba sidlala ekhaya. Asishintshanga amalungiselelo omdlalo.

Sibheke umdlalo ngamunye. Silungiselele lomdlalo ozoba ngeSonto. Siyaqonda ukubaluleka kokuthola imiphumela ukuze sizongena kwiPSL. Ngiyabagqugquzela abadlali ngobuhle nokudlala kwiPSL.

Ukaputeni wamaTuks uJohn Tshabalala ukholwa ukuthi ukuqala kahle emdlalweni wokuqala kuzobanyusela ukuzethemba kumaPlay-Offs.

“Umdlalo wokuqala uhlezi ubalulekile, akukhathalekile ukuthi iligi noma inkomishi edlalelwayo. Lona ubaluleke kakhulu ngoba ungashintsha izinto eziningi. Ukunqoba umdlalo wokuqala kuzokwenza amalungiselelo omdlalo olandelayo abelula, sesiwulinde ngabomvu,” kusho uTshabalala.