Ngemuva kokusiza iSwallows ivika izembe kumaPlay-Offs, unozinti uJody February uthi angeke aphoxeke uma engabuyiswa kwiMamelodi Sundowns ngesizini ka-2022/23.
Kusukela ajoyina iDowns esuka kwiCape Town Spurs ngo-2020, uFebruary akazange adlale eqenjini. Amasizini amabili adlule uwachithe kwiCape Umoya United neSwallows FC.
ISundowns iphethe onozinti abane okukhona kubo uDennis Onyango, Kennedy Mweene, Reyaad Pieterse noRicardo Goss. Ukuqina lonozinti ancintisana nabo kuphoqe uFebruary ukuthi angalitholi ithuba eChloorkop.
Njengoba sekuvela ukuthi iSundowns izosayinisa unozinti weBafana Bafana uRonwen Williams ezinsukwini ezilandelayo, amathuba kaFebruary ePitoli ayancipha ngokuhamba kwezinsuku.
Lonozinti (26) uthi angeke aphoxeke uma engabuyeli kwiSundowns.
“Angeke ngiphoxeke uma ngingabuyeli kwiSwallows kulesizini elandelayo. Ngizokwamukela isimo ngoba kwenzeka noma yini ebholeni,” kubeka uFebruary ekhuluma nabeSowetan.
Inkontileka kaFebruary izophela ngonyaka ka-2025 kwazise wayesayine iminyaka emine eChloorkop.
Kubukeka esazophinde abuyele kwiSwallows ngesizini ka-2022/23 njengoba ekhombise ukuvuthwa ngesizini ephelile.
“Angeke ngikhulume okuningi ngekusasa lami okwamanje ngoba angikaze ngikhulume nemenenja yami. Ngijabule ngokuzihlalela ekhaya, ngichithe isikhathi nomndeni wami eKapa.
Umqondo wami awugxilile ebholeni, ngizoqala ukucabanga ngebhola ngesonto elizayo. Lesizini isifakele ingcindezi kwiSwallows, siyadinga ukuphumula ukuze sizolungiselela isizini ezayo,” kuchaza lonozinti.