Umqeqeshi weSimba SC uFadlu Davids uthi uyazi kahle inkinga ebhekene noRulani Mokoena kwiWydad Casablanca njengoba kulindelwe aguqule izinto ngokushesha yize esabumba iqembu kabusha.

IWydad ithole isibhaxu sika 1-0 ibhekene neRS Berkane koweBotola Pro League ngoMgqibelo. Leliqembu belibuya endukwini yeCODS Meknes maphakathi nesonto koweligi.

Ukuhlulwa imidlalo emibili ilandelana sekumqhathe nolaka lwabalandeli uRulani njengoba ephume ngesamagundane enkundleni sekuphele umdlalo.

UFadlu, obeyiphini leRaja Casablanca ngesizini edlule elekelela uJosef Zinnbauer, uthi akanikezwe isikhathi sokuhlanganisa iqembu uRulani.

“URulani ungumqeqeshi olaziyo ibhola, akadingi ukuboniswa yimi. Nginesiqiniseko sokuthi uzokwenza kahle eqenjini lakhe. Kubalulekile ukuthi anikezwe isikhathi. Uyazifanela nami, iqembu linabadlali abangu-17 abasha abasadinga ukubamba isitayela,” kusho uFadlu ekhuluma nabeFAR Post.

IRaja yaphakamisa isicoco seligi kusekhona uFadlu ngesizini ka-2023/24. UFadlu uthi uyabazi ubunzima bokwenelisa abalandeli eMorocco.

‘Ngiyabazi ubunzima abhekene nabo, kunzima ukubamba ifomu zisuka. Iqembu lakhe ligcwele inqwaba yabadlali abasha, kusafanele bajwayelane. Bafike eqenjini elikhulu eMorocco, yonke imidlalo iwumqansa, amaphuzu awaqoqeki kalula. Nginethemba lokuthi uzophumelela futhi ngimfisela okuhle,” kuchaza uFadlu.

IWydad izobhekana neFUS Rabat emdlalweni weligi olandelayo ngeSonto.