Umqeqeshi we-Orlando Pirates uFadlu Davids uthemba ukuthi ukudlalwa kowamanqamu weCAF Confederations Cup enkundleni engachemile eseNigeria kuzobasebenzela uma sebebhekana neRS Berkane ngomhlaka ngoMgqibelo.
IBucs neBerkane bazotholana e-Akpabio International Stadium.
UDavids ucele abantu baseNigeria ukuthi bajabulele iPirates, ikakhulukazi ngoba u-Olisah Ndaha wayedlalela i-Akwa United esebenzisa lenkundla emidlalweni yasekhaya kwiligi. Egcina ukudlala kuleliqembu, uNdah wanqoba isicoco seligi ne-Akwa.
Lomqeqeshi uthe ukuqokwa kwalenkundla kuzokwehlisa ukuphapha kwiBerkane ayisole ngokugebenga onompempe ukuze izovunwa yizinqumo.
“Siyajabula ngoba sidlala enkundleni engachemile. Izinto bezizohluka kakhulu ukube besidlala eMorocco. Ngiyacela abalandeli baseNigeria ukuthi baseseke. Indodana yabo yolahleko, uNdah, ubuyela enkundleni yabo. Sizodlala e-Akwa Stadium, lapho anqoba khona iligi ngaphambi kokujoyina iPirates,” kubeka uDavids obekhuluma nezintatheli e-Orlando Stadium.
IBucs izobhekisa amabombo eNigeria kusasa. UDavids uthi iBerkane bebeyilandela esigabeni samaqoqo ngoba yadlala neSimba SC, eyahlulwa iBucs kuma-quarterfinals.
Lomqeqeshi ubalule izinqumo emdlalweni weBerkane ne-Al Masry emidlalweni yamaqoqo. IMasry yathola amakhadi abomvu kuyona yomibili imidlalo.
“Nginokuxakeka kancane uma ngibukisisa imilenze yomibili ye-Al Masry. Akusiyona i-Al Masry kuphela, kujwayelekile ukuthi iqembu elidlala neBerkane lithole ikhadi elibomvu. IBerkane iyiqembu elithanda ukuqinela onompempe uma uyinakisisa kahle.
Kukhona abadlali abanesipiliyoni. Abadlali basesiswini uNaji (Larbi), El Helali (Bakr) noRegragui (Hamza) banesipiliyoni. Labadlali bafakela unompempe ingcindezi, ikakhulukazi uma bedlala ekhaya ngoba befuna ukuvusa abalandeli bayo.
Kufanele sehlise umoya, singayivumeli iBerkane ukuthi isidonsele emaqhingeni ayo. Kuhle ngoba iCAF isifake iVAR emdlalweni yomkhumulajezi. Lokho kusize kakhulu ngezinqumo ezenziwe onompempe nokuphucuka kwezinga lemidlalo, amagoli ashawayo, ama-offside nezinye izinqumo.
Silindele iVAR ukuthi idlale indima yayo. Sizokwehlisa umoya, singadlaleli emaqhingeni eBerkane.