Iphini likamqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze udalule ukuthi uWandile Duba (20) wayethethisa ngisho ‘obhuti abadala’ ngehalf-time ethi kumele benze kangcono esiwombeni sesibili ukuze banqobe owamanqamu weNedbank Cup.

UKaze uveze lokhu esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo iChiefs ewunqobe ngo 2-1 ibhekene ne-Orlando Pirates, yaqeda ngeshobolo leminyaka ewu-10 inganqobi lutho kwiPSL.

Echaza kabanzi ngokubenze banqoba umdlalo, uKaze uthi abadlali bakhombise ukuyilambela iwin, ikakhulukazi esiwombeni sesibili.

“Ngesikhathi sikwi-halftime, umdlali uDuba wayethethisa abadlali abadala kunaye ethi ‘cha asidlali kahle bafwethu, kufanele sikhuphule izinga lokudlala, sidinga ukubahlala eduzane’ – wonke umuntu wayenza konke okusemandleni.

“Kwesinye isikhathi babekhathele, abanye belimele, kodwa wonke umuntu waziphusha ngoba sasikhulumile ngokuthi uma sifuna ukungena emlandweni waleli qembu kufanele sizinikele kulo mdlalo, siwunqobe.”